Amambatha Heritage Society (AHS)
Registration number: NPO 106-527
If you want to contact us be free to do so:
AMAMBATHA Heritage Society (AHS)
30954 Inqolobane Street
Extention 15
Tsakane ER
Gauteng
1550
RSA
Tel: 076 364 3072 (National Chair)
Cell: 073 561 4949 (Secretary Gen)
Email: amambathahs@gmail.com
Website: http://amambatha.com/
kube yintokozo ukube ngifunde ngamaMbatha. imithetho kanye nezithakazelo. ngiyafisa ukuba ningagcizelela emithethweni ukuba abesilisa bakwaMbatha bengadayisi ngegazi labo nezihloniphe kanye nabesifazane abahlangana nabo empilweni yabo. kungidabukisile ukuthi ngihlangane nabafowethu la eUK ababili nabo baphikwa ngobaba babo njengami nje bakhulela ekhabonina. sonke sikhule kanzima zaze safika kulesikhathi esikuso manje sesinethezekile. omunye wabafowethu uthe kimi yazi ubaba wami nabafowethu sebeyahlupheka kodwa kunzima kimi ukuba ngibabize ngabazowethu. kanjengami nje ngina 33 ubaba uhlale ethi uzongihlawula kusukela ngina 13 ngalesosikhathi ebenamatekisi kodwa manje awasekho. kubuhlungu ukucabanga ukuthi manje useyahlupheka kanye nabafowethu nodadewethu kanye namakhosikazi akhe, ekubeni kungangithatha umzuzu ukumenzela noma yini ayifunayo. kungathi kuba enkulu injwayelo koShandu ukulahla abantwana. ke bakhohlwe ukuba igazi lase maMbatheni linothe kangakanani.
Thembelihle,
Siyabonga ukuthi sizwe umuntu obuka this from the positive side njengoba uvela ugqugquzela ukuti akulungiswe. Njengoba esho ubaba uStanley, kungumkhuba that is very common emaMbatheni and as young as I am i’ve been very disturbed ukuthi ngibone ubuhlungo abafowethu nodade wethu ababhekana nabo mihla yonke ukufisa nje ukuhlangana nemindeni yabo abayizwa ngendaba ngenxa yokulahlwa noma ukunganakwa ababa.
Kona okuningi sekwenzekile sekufanele sigqugquzele kuyona intsha esencane ngoba okwenziwe obaba bethu kungavinjwa futhi kunqandwe yithi ukuthi kungabi umkhuba odlulela ezizukulwaneni eziza ngumuva kwethu.
Sisho ngazwilinye sisiThembi, aluvalwe lolukhondolo. As amaMbatha we have a lot to celebrate let us focus on it and make sure that amaphutha obaba abangaphambikwethu asiwaphindi thina esisebasha.
Through AHS isifiso ukuqoqa wonke amaMbatha (Mbatha’s, Dladla’s, Shandu’s and Mbeje’s) sihlangane sibemunye, umangabe istinobho saxega even kulabo abangaphambi kobaba bethu “The ball is in our hands now” it’s time for doing our best to correct mistakes of the past.
Ungasithumelela your email address sisi kanye nabanye basemaMbatheni obaziyo nohlangana nabo kungaba yintokozo kithi ukuba sibe nabo from all over.
Ozithobayo,
Lindo Mbatha
AHS Secretary (based KZN)
LINDO kuyezwakala mthiya,ngaphatheka kabi ukuzwa uthi usEHOWICK last week ngafisa ukuthi sibonane kwasho khona ukuthi ngivaleleke etohweni kodwa sizohlangana
Sawubona baba. Igama lami uSicelo/Mthiya ohlala Kwa-Mashu. Ngifuna ubaba wami igama lakhe uSamuel Shandu, kuthiwa uhlala kwaNongoma. Wayesebenza kwaloliwe ngase Durban Station. Ngicela ungisize ngimthole uma ungakwazi. Inombolo yami ithi 0823266914. Ngingajabula ukuthola umndeni wami
Thembelihle, Ngane yakwethu,
Lokhu okuphakamisayo kuliqiniso elibuhlungu nomkhuba omubi owenzakalayo lapha emaMbatheni. Siyabonga ukuthi ukuveze futhi ukuphakamise ukuthi kulungiswe.
Lapha ku AHS sizama kona lokho ukuthi sibumbanise AMAMBATHA futhi sigqugquzele ukuziphatha okuhle.
Njengoba ubeka nje, baningi kabi abantu abasha asebefike lapha kithi ukuzocela sibasize ukubatholela oyise ababalahla noma ababaphika. abanye sikhonile ukubasiza kodwa kaningi sithola sebadlula oyise, kwabanye singabatholi sibe sesikuthathela ezandleni zethu ukuthi sidlale role kababa.
Sizozama ngawo wonke amandla ukuthi sihlale sigqugquzela ukuziphatha okuhle.
Siyabonga
Zithobayo
Stanley Mondle Mpikiswano Mbatha
(AHS Sihlalo ka Zwelonke)
BABA STAN ulwazi onalo ngoMTHIYA lutshale-nje ungaphezi
Ngaze ngajabula ukungena la kwi website, kunini ngilokhu ngibhala uma ngibona abantu bezisho kamnandi izithakazelo zethu, kanti bazithola lana. Kwaze kwakuhle kwangijabulisa ukubona konke loku. Mina cha eVoslorus ila ngizotholakala khona ngoMgqibelo. I cant wait to finally meet some of this wonderful family.
I am based in Durban.I had a company with a white guy dealing in diamonds.The moment I mentioned the issue of transfering skills to Africans – training school he was very upset.This resulted in us parting ways.I lost everything I had.I am presently wanting to go back full time.
I have contacts all over the world.I want to do things the right way.I need to restart by asking AmaMbatha to brainstorm this and build a shrine for AmaMbatha more than the Oppenheimmers.
Post your comments and phone me at 083 594 2039.You may as well google me at Shandu Diamonds and Douglas Shandu
ninjani bo mthiya. ngidlulisa ukuthokoza kakhulu ngale website yamambatha. kuningi ebengakwazi. kodwa kumanje sengichazelekile. ngisi nje asiqhubeke nokuzigqaja ukuba ngama A.H.S niphile bo shandu
Kuthokoza thina wena kaNdaba, ukhululekile ukusithinta uma unokunye okwaziyo noma unombuzo.
uzob ukeph umhlangano kulokhu
Ndabezitha
Siyabonga ukuthi usithinte. Usuku nendawo yomhlangano uzokwaziswa khona maduze nje ku Facebook, Amambatha Heritage page nakuyo le website.
Regards
BS
thank u bondaba ezitha bosontshikazi i love u all god bless u all manyosi we will see u there in amabatha heritage
Thanks Qinisile
We are looking forward to seeing you my Sista. BS
Mina nginguthulani mbatha -bengicela ukwazi ukuthi uphi umehluko phakathi kwabathiya ngenkoko nabathiya ngehlahla and ingabe ombatha bonke yini?
Thulane, oShandu baThiya ngenkomo bese abafokazana bathiye ngamahlahla. Okusho ukuthi akekho uMbatha oThiya ngamahlahla.
bomthiya ngingathokoza uma ningasazisa uma kuzoba nomhlangano wamambatha ePIETERMARITZBURG ngoba njalo ngiye ngizwe usudlulile ETHEKWINI
Mina ngibonga ukwazi ngomlando wamaShandu futhi ngizowazisa wonke ngapha endaweni yangakithi ePitoli.Ndabezitha Ndabakomkhulu.
Ngyafisa nami ukwazi kangcono ngani
ngyajabula ukuba ngihlangane namanye amambatha bengifisa ukuchazeleka uma kukhona onolwazi ngeliba lika Manyosi uma kukhona onolwazi
Sanibona emaMbatheni mina ngiwuNcediwe wakwaMbatha kodwa ngibiza uNxesi bengicela usizo ngidinga ukuxhumana nomndeni wami wasemambatheni emsinga kuthiwa kukwaWolwani ubaba uSibongiseni Micheal Mbatha owayesebenza eMshwathi edume ngelika Chucklas ngiyacela bandla ningisize ngiyabonga