Frequently Asked Questions:
1. Ubani u Mthiya? (a) Akekho umuntu okwakunguMthiya, leligama lavela ngokuthi uShandu wayecebile enezinkomo eziningi.
(b) Abanye bathi kwathi kuhlaselwa emzini kaShandu amadodana esaphumile izintombi zakhona zaphuma zinqunu abafokazana babaleka bathi “hawu! uShandu uthiya ngenkomo”, okungelona iqiniso.
2. Gumbi lamagwala: Lesi sisho savela ngoba uSontshikazi wemukela ezinye izizwe, ababebalekela izimpi emazweni abo engabuzi nokuthi benzeni. kwabe sekuthiwa kuse Gumbini lamagwala.
3. Mbatha: Igama leli uShandu aliphiwa uJama uma ezama ukuthatha isibongo esithi “Ndabezitha” ku Shandu ngoba esabo sasisibi “Libonolwenja”
4. Mavungama: Lesi savela ngokuthi u Mbeje no Dumisa besole elinye iwele lomfana elalizalwe ukaMabaso owayegane uNdaba ka Sontshikazi ukuthi yini engathi ijazi, lelowele kwagcina libizwa ngo Mvelase ovele eNyandeni.(lalizalwa udadewabo ka ka-Mabaso)
5. Mathabathanyawo: Naso lesi savela ngoba uMabaso athi uMbeje no Dumisa bathatha kancane ukwamukela indlalifa evela kwa Mabaso.
6. Makhub’aluthuli: Lesi savela ngokuthi abakwa Mbatha babekhuthele kwathiwa “amakhuba ahlala enothuli”
7. uShandu akangakanani ngoba entendni yesandla uyenela: Kwakushiwo ngoba uShandu wayemfishane.
8. Wena owaMbatha isikhumba seNyathi uZulu esahambaze: Lokhu kwashiwo ngoba amaMbatha ayembatha isikhumba seNyathi(Sontshikazi)
9. EmaMbatheni: Kwakubizwa indlu kaSontshikazi ngoba babembatha ingubo yesikhumba eyafika nabeNtungwa bona bebonele ebaSuthwini.
10. Ndabezitha: Lapha kulunjaniswa igama likababa kaShandu uNdaba nokhokho wakhe uMpangazitha..Ndaba ka Zitha.
11. Inkosi eyabonwa nawuShaka: Lokhu kwavela ngoba Ushaka wasaba uMbudlela kaMdunjwa kaShandu waze wambulala wamngcwaba esiGodlweni.(wathwala ngaye)
12. Nina beNyathi emnyama ka Nsele: Lapha kuchazwa isilwane sasemaMbatheni iNyathi.
13. Wena owaba ngu Ndabezitha kuqala: Ukuthi AmaMbatha yiwo aba oNdabezitha kuqala ngempela bonke laba abanye akusiba bayafosta.
14. Ndaba ko Mkhulu: Kithi ebuKhosini.
15. Magwaz’aphindelele njengezulu: Kufihlwa ihlazo lika Magwaza ka Mbeje.
16. Ingabe abakwa Mbatha bahlobene noMlotshwa, Ndaba, Mngeni, Nsibankulu, Ngwenya, Matshana, Nkomo?
Qha lawa kwakungamagama abantu namakhosi akwaMbatha kodwa akazange abe izibongo, izibongo akusizo ezasemaMbatheni, ezasemaMbatheni u Mbatha, Shandu, Mbeje, Dladla, Kweyama, Vezi, Mgabadeli, Mpembe, Mhlophe, Gadlela, Dwala…sezikhona nezakwa Manyosi, Sontshikazi, Mngunyana…kodwa kwakungesizo izibongo kwakuyizithakazelo.
17. Yini umehluko phakathi kwe Zithakazelo ne Zithopho?
(a) Izithakazelo amagama abantu abazala lowo nalowo mndeni innzalabantu.
(b) Izithopho izigameko ezenzeka noma ezenziwa kuwo lowo mndeni…kodwa-ke sekujwayelekile ukuthi umuntu uma ebongela ahlanganise konke iZithakazelo ne Zithopho.
18. Sobohla Manyosi: Lokhu kwashiwo uDingani kuManyosi ngesikhathi uManyosi ehlubuka kuDingane esejoyina uMpande…Manje sekuyisisho esisetshenziswa kwaZulu okuchaza ukuthi “nawe uyolamba ngelinye ilanga”, thina emaMbatheni asisisebenzisi kakhulu ngoba siwukusongela.
19. Hlakanyana: uyise ka Lukwabithi badabuka kuNkomo ka Shandu…walithola leligama ngoba wayemfishane kakhulu futhi enekhanda elikhulu.
engath kuningi engingakwazi. . .
Naze nalandisa kwacaca maMbatha, now I am more than proud of being a Mbatha. Cant wait 2 change my surname.
Ngiyabonga boMthiya ngomsebenzi omkhulu kangaka,ukusazisa ngemvelaphi yamaShandu
ngiya bonga bofowethu ngo kusifundisa invelaphi yethu sinya mambatha,mina ngikhulele e pitori,angisazi kahlehle isizulu sa kithi.ubaba uke wathi amambatha si ka bili,si hlokana ngezithakazelo.besides amashando,abo bani abanye amambatha?
(2)ugogo uthi ngifanele ngiyenze umsebenzi woku khuphula u baba nyoba u sena two yrs a shonile.angiyazi ukuthi uwenziwa ka njani loyo msebenzi.sizani bo,ngididekile bafowethu.
cell no:0824994658
tell : 027 712 8160
Ojabulile imina, ngyazi ngezithakazelo zakithi manje
BoMthiya ngyazibongela
syabonga
Zama
Nathi siyabonga ukuba wusizo ume njalo.
BS
ay ngaze ngadela maNDABEZITHA AMAHLE engathi singabambisana njalo sicushisana njalo ukuze ubukhosi bakoSONTSHIKAZI buhlale bukhona! Ndaba Komkhulu!
MaMbatha ngijabule okwengane iphathelwe amaswidi unina,uma ngithola ulwazi olunje.Siyabonga nikhule njalo.Mthiya
MaShandu amahle siyabonga ngokusikhanyiselo ngomlando wamaMbatha,siyafisa nokwazi ngokhokho uMafinjwane
Ngicelukubuza ngabe uSONTSHIKAZI wayengenabafowabo yini noma uPHANGIZITHA wabazala esebuyele kwaNTOMBELA
Okucacayo lapha Mfowethu ukuthi bekungakhulunywa ngawe uma ungadumanga noma ungelona iqhawe thizeni. Ngokunjalo alukho ulwazi esinalo ngabafowaba lapha emaMbatheni ngaphandle kuka Mahlobo uyise amthola esebusa kwa Ntombela.
Great info ngfunde okuningi la kodwa angvumelani nayo yonke into ebhalwe la kakhulukazi mase bebala izibongo ezihlobene no Mbatha like uVezi noMgabadeli akzona ezakwa Mbatha lezo zibongo and uMgabadeli isithakazelo sakwaDladla not esakwa Mbatha oMbatha ababona oMgabadeli ngisho noVezi akyena owakwaMbatha I wud suggest uyachaza ukuthi why uzimpintshise noMbatha lezi zibongo or iythakazelo like uVezi, Mgabadeli.
Negroid
Ngiyabonga ngombuzo wakho. Okokuqala nje sifake lapha uKweyama, Mgabadeli no Vezi ngoba beyinzalo ka Dladla ozalwa uNdaba abuye abe ngumfowabo kaShandu noMbeje. Bakhona oVezi okungebona bakwaDladla, lapha esikhuluma ngaye uVezi ozalwa uMgabadeli owabe ezalwa uDladla kaNdaba.
Kuliqiniso ukuthi abakwa Dladla bazithakazela ngoMgabadeli okuyindodana ngoba babezama ukudukisa umkhondo wokuthi abasema Mbatheni. Umlando ukubeka kucace ukuthi oDladla abakithi noma bake baphuma emaMbatheni kodwa lento yalungiswa koMkhulu eNkonjeni ngo 2010.
Ndaba ko Mkhulu, oDladla no Mbeje, yebo bango Ndabezitha. Uma uMbatha eqala kuSotshikazi, yebo bangamaMbatha. Kodwa uma uMbatha simuqalisa kuShandu, bayzihlobo zasemaMbatheni, kodwa abasibona oMbatha ngokuka Shandu.
Kodwa ukuze siphilelane nabafowethu, by convention taken eNdlunkulu, sisho njalo.
Bondabezitha ningakhohlwa phela ngeke sibone ngokufana.okubalulekile ukuthi uma unombono ohlukile kunalo osuke ubhalwe la siphe phela lowo mlando osuke unawo sizwe.ungaphikisi nje mahhala.
Ngyabonga sengyabona. So oMgabadeli noDladla abakwaMbatha bahlobene nabo but abathakazelwa ngo Mgabadeli right? And ngicela ungichazele yalungiswa kanjani lento kaDladla
Mina umama owaka Magwaza kanti ubaba wayebiza esinye isibongo kuwukuthi kodwa wayesemazi ukuthi uyise nguMbatha njengamanje sengibiza isibongo sakwaMbatha , bengifisa ukwazi nje ukuthi iliphi ihlazo elenziwa nguMagwaza kaMbeje nanokuthi abakwa Magwaza bahlobeneyini naba kwa Mbatha noma uMagwaza kwakuyigama nje lendodana kaMbeje ngoba ngazi ihlazo lakaMagwaza ukuthi wayekade evela kwaMhlongo wase egwaza ekhaya wase eyadingiswa wabe sebanguMagwaza!ngingathokoza umangingathola incazelo
O’Mbenje bavela kanjani,futhi bagcinaphi
Siyabonga umsebenzi omuhle kangaka. Ngicela nisizize futhi ngehubo lamaMbatha. Kungenzeka yini ukuthi niliqophe (record) ukuze sikwazi ukulilale nathi esingalazi sikwazi ukulihuba?
Mina ngibonga ngyanconcoza kwabadala abangasekhoyo ngokuvuselela umoya wabo ngemvelaphi yendlu yamambatha ovuke ngalabantwana abasungule lengosi, sifisa inqubekelaphambili kulamavulandlela ezolwazi lomlando, sifisa futhi njengoba sesazi imvelaphi yethu emambatheni kwakhiwe enye ingosi yamacebo ezomnotho azohlomulisa amaMbatha ngokomnotho ,ngyabonga
Ngiyabonga ngolwazi olungaka ngemvelaphi yo Vezi mgabadeli ,ozingiza kamavela
National Chairperson, Ndabezitha
Ake uphinde mntakaMkhulu ungicacisele ngozalo luka Manyosi ka Dlekezela. Kakhulu kazi ukuthi wayenabafazi, nabazukulu abangaki. Ngizama uku “tracer” imvelaphi ka Mdidiyeli (wase Mashunka ngaphesheya koThukela) owazala okhokho bami, odabuka kwisizukulwane sika Dlekezela. Okhokho bethu bebahlale basho ukuthi uyisizukulwane sikaManyosi. My research is still ongoing nglomlando, inkinga nje sebeyaphela abantu abadala abasazi umlando wabo year-1500.
JabulaninonkeSizwesamaMbatha
Qhawelamathonga Ndabezitha
Esikutholayo ngoKhokhokhulu uManyosi ka Dlekezele ngukuthi wabe enamakhosikazi evile emashumini ama ne nanhlanu(45). Kanti wasala izingane ezevile ekhulwini. Uyatholakala futhi ukuthi inzalo yak he yagcwala Lonke lelo lika Mthaniya.
Inzalo ka Muziwabantu no Gqokwana yaqale yawela yazinza kwa Ceza yabuye yehla njalo yayozinza eMngeni eMaritzburg. Kanti eka Maphashana yakhuphuka yase yazinza ko Income, Uitrecht, Vryheid nase Mzinyathi. Eka Sobohla yiyo eyasala eZululand.
Kungumqansa impel a ukulandela umlando ka Manyosi ngoba inzalo yak he yasabalala izwe Lonke. Kuhle ayikho ukuthi usekhona umndeni eDlebe eduze kwamanxiwa wakhe zakudala Kanti namaliba asatholakala khona laphaya.
Ingabe Isibongo Sakwa Zitha sivela ku Mpanga Zitha na?
cha ngiyabonga ngifunde kakhulu bengicela ningisendela izithakazelo zakwa kweyama uma kukhona onazo okunye kungiphatha kabuhlungu ukuthi thina mavezi sizinduna kuphela but ngko mlando sizalwa ebukhosini kunini lana uzulu aezobuyisa ubukhosi bethu njengamambatha?
Bengicela ukubuza ukuthi uVezi obizwa oGabela, noVezi obizwa oKweyama ngabe umuntu oyedwa noma okanye kwabe kungukufana nje kwamagama
Answer:
Qha akuyena umuntu oyedwa, ngukufana kwamagama.
Stanley Nhlansi Mbatha