Abantu bakwa Dladla kusengabantu base ma Mbatheni. Phela u Dladla uzalwa u Ndaba ka Sontshikazi. Inkosana yomndeni kwabe kungu Mbeje abe eselanywa u Dladla yena owelanywa u Shandu.

ake sibalamanise abakwa Dladla:

U Dladla wazala u Mpemba, Mgabadeli, Mhlophe, Gadlela no Dwala.
U Mgabadeli wazala u Kweyama no Mathenjwa.
U Mhlophe wazala u Nonjiko no Kolotshana,
U Kweyama wazala u Vezi,
U Vezi wazala u Mnembe,
U Nonjiko ka Mhlophe wazala u Noshevu no Jobha,
U Jobha wazala u Nolenge,
U Noshevu wazala u Madanyini, Ngobeza, Nkenke, Lukhoso no Gxaza,
U Gxaza wazala u Nompontshela, Mzongolozi, Mxhayi nabanye,
U Nompontshela wazala Muzikayifani, Mkhululi, Bonginkosi nabanye.

Ulibo luka Mgabadeli, Mpemba, Gadlela no Dwala asikalutholi ngokuphelele sisaqhubeka nokufunisisa. Singajabula uma kukhona onolwazi aluthumele ku Sihlalo we Amambatha Heritage kule email: mondlestanley@gmail.com