Abantu bakwa Dladla kusengabantu base ma Mbatheni. Phela u Dladla uzalwa u Ndaba ka Sontshikazi. Inkosana yomndeni kwabe kungu Mbeje abe eselanywa u Dladla yena owelanywa u Shandu.
ake sibalamanise abakwa Dladla:
U Dladla wazala u Mpemba, Mgabadeli, Mhlophe, Gadlela no Dwala.
U Mgabadeli wazala u Kweyama no Mathenjwa.
U Mhlophe wazala u Nonjiko no Kolotshana,
U Kweyama wazala u Vezi,
U Vezi wazala u Mnembe,
U Nonjiko ka Mhlophe wazala u Noshevu no Jobha,
U Jobha wazala u Nolenge,
U Noshevu wazala u Madanyini, Ngobeza, Nkenke, Lukhoso no Gxaza,
U Gxaza wazala u Nompontshela, Mzongolozi, Mxhayi nabanye,
U Nompontshela wazala Muzikayifani, Mkhululi, Bonginkosi nabanye.
Ulibo luka Mgabadeli, Mpemba, Gadlela no Dwala asikalutholi ngokuphelele sisaqhubeka nokufunisisa. Singajabula uma kukhona onolwazi aluthumele ku Sihlalo we Amambatha Heritage kule email: mondlestanley@gmail.com
Ingabe uDladla, uMbeje noShandu bazalwa wumfazi oyedwa?
SN Shandu
0713563370
0838959848
Qha u Dladla, Shandu no Mbeje abazalwa umama oyedwa. Bazalwa omama abathathu abehlukene kodwa ubaba wayemunye, kungu Ndaba ka Sontshikazi.
Stanley Mbatha
sawubona bengisacela ukwazi ukuthi ngabe kulungile yini uma ngithanda kwaDladla uma ugogo wami ozala umama wami kungowakwa Mbatha na?
Akunankinga ngoba lezi yisibongo sika Gogo izalwe umama kanti nomama unesakhe isibongo kanti futhi nawe unesinye. Ubuhlobo bukhona kodwa akunankinga ngoba bukude.
Enjoy!
Akunankinga, engani ugogo wakho uyaye akubize ngomnakwethu, lokho kusho ukuthi ungathanda esibongweni sakhe.
hello there I would like to know where the Dladla’s originate? I heard about kwaNyuswa and when I’m trying to find out about Nyuswa I heard about Nyuswa in Pine town and anotherone in Portshepstone. I’m warried that we are loosing the identity with my family, we residile in Eastern Cape at Bizana I heard that we came from Kwazulu Natal in Portshepstone.
Abakwa Dladla indabuko yabo ise Mambatheni eNhlazatshe ngase Mahlabathini. Babe sebefuduka bawela umfula uMzinyathi balibangisa oThukela. Lapho bebaningi khona manje kuko Mnambithi, Nobamba/Weenen, Msinga nako Mtshezi. Manje sebegcwele izwe lonke kodwa lapho bebaningi khona ikulezindawo engizibale ngenhla.
Mbathastan
Anything about Madoda Africa ? Was told I’m in his generation
HEYI IYASANGANISA LE NDABA NGOBA MINE NGISE MP ngenzalo would like to know a lot ukuthi bafika njali ngalapho (DRIFONTEIN) EMPUMALANGA
Hi There and my apologies for addressing you in English.
I was born and stay in the Eastern Cape(PE), my grand father is originally from KZN eMpangeni I would like to know if there is only one Dladla clan or many, reason i’m asking this is that most people I’ve met who share the same Dladla clan name as myself our praises are diferent. e,g my father ukuthi thina singo Dladla, Mgabadeli, Mpembe, khobongwane, Thazima, wenzamawa…. Please hlp as I’m concern that my children might ask me one day and I wouldnt know the answer.
yoo ibanzi ijulile ke imvelaphi yethu,thina silapha ngaphesheya kukalimpopo eZimbabwe singabakwaDladla kodwa angazi ukuthi safika kanjani lapha,asazi noma yisikhathi seMfecane
Mageba
Sonwabile kunesgodi ekuthiwa ikwaDladla kwaNyuswa ose Harding rather port shepston is bit far, I’m from there. Lesigodi sakhelwe abantu bakaDladla isibongo. I can take you there
Hi,would like to know where do Mgabadelis originate and are they Zulus or Xhosas?
Hello, i just got a new chick and her last name is Dladla, which is her father’s last name, so i would like to ask kuth can i carry on with our relationship cos my father’s last name is Vezi and i use Memela which is my mom’s surname?… What confuses me is that Dladla uses Vezi and Vezi doesnt use Dlala kwizithakazelo.. I would appreciate if i get your help.
hi Mtho
kunzima i was dating noMpembe nt nowing that we are related kuthe esefunaukulobola guess wat we are sharing omalume luckly besingakabine ngane kodwa i still love him and use shadile bt mina door umshado. i so wish to help U.
UVezi uzalwa uKweyama ozalwa uMgabadeli ozalwa uDladla (wasemaMbatheni) kaNdaba
baka dhladhla banabo yini bukhosi? uma bukhona bukuphi?
Ay mina ngyadideka lana
mina ngifuna ukwazi ukuthi kuyiciniso kuthi bakwaDladla babuya eZimbabwe ngoba phela ngizwa bathi sithakazela sithi “Mgabadeli owagabadela inkundla yakabulawayo” bathi indawo ethi Bulawayo iseZimbabwe.
Nkosazane, kukhona abenza iphutha uma besho izithakazelo zakithi. Owethu u Mgabadeli akuyena lo abamshoyo kodwa badidanisa nezibongo zeSilo u Dingani okunguye owayenesigodlo kwaBulawayo
Lapha kushiwo uMgabadeli oyindodana kaDladla. Cha oDladla babuya kwaZulu emaMbatheni
NginguVezi isibongo. Mina ngidabuka eHluthankungu ngaseHighflats. Sizithakazela sithi :Dweba, Mamba, Maphikela… uma ngizama ngilandela lamagama awavelindawo:
1. Ngabe sizithakazela ngezibongo zobuntsizwa zobabamkhulu?
2. Ngaphandle kwaMnembe ngobani abanye abazalwa uVezi?
3. Ngabe uMlamuli wayezalwa uVezi? Ngokukababa wami uthi kwakune ncwadi (note book) kakhokho ekhaya eyayibhalwe nguye ukhokho eyenza akholwe ukuthi uVezi wabe enendodana egama layo labe linguMlamuli thina (umndeni wakithi) esiphuma esendeni layo. Uma ngingakwazi ukuqiniseka ngoMlamuli kobe kusho ukuthi sengiluqinisekile lonke uzalo (genealogy) lwami kuze kuyofika emandulo koMageba.
Kuyangithokozisa ukwazi ukuthi kusakhona abantu abakubonayo ukubaluleka kwendabuko kanti futhi abayaziyo.
sengifunde olukhulu ngokungena nje kule-website.
siyabonga .
Niqhubeke nophenyo ngoba umsenzi eniwenzayo mukhulu
kwa shandu syabong bafethu ngokusivula imiqondo ngemvelaphi yethu bakithi mina ngsakhala ngendlela esihlangana ngayo i wish singaba nama get together sxoxe lezindaba yazi ngna less than 30mnt la but sengivuleke umqondo bengfisa maqhawe akithi lolulwazi siludlulisele nasezinganeni zethu ukuze imvelaphi yethu ingafadabali ayikho into emnandi njengokuzwa ukuthi ubaluleke kangakanani emlandweni Dladla unite
amaDladla ayahlangana kanye ngonyaka e Pietermaritzburg (eMgungundlovu) nansi inamba yomuntu osihlanganisayo ithi 0829789083 igama lakhe u Phillip mthinte, kudliwe inyama. sibaningi abaka Dladla
Dladla unite syabong maqhawe akithi ngakho konke nokusivula imiqondo
Am looking for anyone who might know the late Andries Dladla. His sibling was Mduduzi. Am a very lost soul
Intombazane yaka shandu nendoda yakaDladla. Can that happen?
It has happened due to lack of knowledge but akufanelanga.
Sekuke kwenzeka kakhulu ngenxa yokungabi nalo ulwazi. Kodwa-ke lokhu kwalungiswa ngo 2010 kwabe sekuphuma nomlayezo wokuthi kungasaqhubeki.
Tanx Mageba syafundza kakhulu ningadzinwa
Kusho ukuthi u kweyama uhlobene no mbatha
hey guys im a kweyama and then im dating a mkhize guy but his mom is a dladla so isnt a bad thing!??? Anyway i love him and he does
Proudly Dladla Mgabadeli.
thank you family for letting us know where we originate this is one of the greatest things #know our roots… Qhubekan njalo nocwaningo am a DHLADHLA and am proud
sibonge bomgabedeli ondabezithitha , sibonge nako shandu kandaba azase mambhatheni , de clan wil forever b supreme n wat i knw all dladla’s r smart
Ngicelwa ukwazi maVezi. ingabe ukhona kunina owazi umkhulu okuthiwa uTsheni owayezalwa uNtshoboza. bangabokudabuka e
ka Jilafohlo eMbo?
sanibonani bengcela ukubuza ukuthi mina ngiwaka Dladla umama ozala umama wami owakwa makhubo,kungenzea yini ukuthi ngithande umuntu wakwa makhubo
wow izihlobo ezingaka. cha sibaningi impela koMgabadeli
Sanibona. Mina ngi ngu muPedi o shade kwa Dhladhla lapho Ku khulunywa iSipedi, kodwa they say they are Swati. I’ve been asking around ngi zwa abanye bathi they are Dhladhlas kodwa ba khuluma isiZulu abanye isiXhosa, ngi funa ulwazi ukuthi kahle kahle abo Mgabadeli are they Zulus, Swatis or Xhosa…Ngoba ngi funa uku fundisa abantwana bami imvelaphi yabo..ngiyabonga.
mina ngiyabonga nguwu Zwane kamuva ngaziswe ukuthi isibongo sakwa Dladla sisegazini lami ngisafuna-ke ukuthi kanjani
Sanibona bodweba ngicela ukwazi ukty sihlobene yin nomntambo
ngiwaka Dladla ngahlangana nesoka lakwa Mbatha ngagana and bengingazi sanhlobo imvelaphi yabakwa Dladla, ngiyamthanda naye uyangithanda. Fanele ngimyeke noma singazalwa ndawonye , ngiyadideka???.
SANDILE MASSAR DLADLA
philani maMpembe cha kuyajabulisa ukwazi ukuthi kunabantu bakithi abahlangana baxoxe izindaba zakubo kulengosi.qhubekani njalo ningapheli amandla
Sanibonani, Ngizalwa intombi yakwaMathenjwa kanti kunensizwa yakwaDladla ecela kuba sithandane kungabe kfanele yin kwenzeke lokho, Mina lokhu ngimubiza ngomalume yena akayvumi leyo.
hi ngicela ulwazi ngesiko lakithi kwaDladla,mina ngizalwa umaDlamini
hey guys im a kweyama and then im dating a mkhize but her mom is a dladla so isnt a bad thing!???
sanibonani maDladla ngicela owazi amadodana kaMpembe ukuthi kwakungobani emangaki